08/08/2022
MAMA NGANGENZENI
Wangiletha kulomhlaba wangetha negama
Qede wahamba wangilahla, ngasala ngedwa mama,
Ngilala ngingazi noma ngizovuka yini ekuseni,
Ngiyazibuza ngangenzeni, ngezinyembezi emehlweni.
Izinyembezi zabafisa omama zingifikisela umunyu ngob' angilwazi loluthando abalulangazelelayo.
Ngabe laph' ukhona uthi ngilala ngidleni kabani,
Ngizolilwela ngani ikusasa lami,
Kona Uma ngingathi ngifuna injabulo ngingashona ngakuphi?
Mama ziyakhala izingane ezalahlwa emathuneni, onina abasenakuziphendula,
Abanye bayalucela uxolo kodwa amehlo azo awasenakuvulwa,
Imilomo yazo ayisenakuphendulwa sebesele namathemba okuthi bayobabona mhla befa!
Ngangenzeni mina ukuba ngumtshingo ubethwa ngubani ngingaqhumanga etsheni,
Ngab' unembeza wakho awusakubonisi ngisho indumalo esebusweni,
Izinseka zakho ngabe zathula ngamhla ungishiya kulomhlaba ohlabayo ngingenambadada,
Ngingenababa nakhaya?
Ngabe imbeleko owangibeletha kuyo sewayokhela ngamalangabi enzondo ebhekiswe kimi,
Ngabe lenzondo ingenxa yamaphutha kababa?
Ngiqonde ungazise ngangenzeni ze nami ngikhone ukuphila ngazi uyaphila kodwa awufanele ukuba ngumama,
Ziphe umzuzu, ungitshene ngakwenzani ungaze ungilahle kabuhlungu kangaka!
Requested by: C'wee Sebe