10/06/2023
uMuzi Omusha 02
"Mmmmmmmmmmmmmmh!!!! mmmmmmmmh!!!!! iiiiy!!",uMaZulu lowo ehlina ezibamba isisu egwinya namathe kaningana,"aybo sisi angabe konke kahle?",kubuza uTholakele ezenza owethukayo,"isisu dadewethu mmmmmmmmmmmmmmh!!!!!!", kuphendula uMaZulu egquma kakhuluke manje,angabe esakqeda kwayilokokudla,avele akbeke phezu kwe coffee table,"aa..angiyoo... angikphuthumele amanzi la ekhishini sis uyabo?",kusho uTholakele esukuma ngokshesha eyoshona ekhishini,athi uyasukuma uMaZulu asakazeke ngobuso kwi coffee table aqede awele phasi,
"Tho... Tholakeleee!!!! Ngyafaaa!!!!! Fo....Fonela i ambulensee!!!!!! Th.....Tholakeleeee!!!! Ngsize!!!!! iiiiii!!!! iiiiii!!!!! Th.....iiiiiiii!!!!! Tholakelee!!!!!",uMaZulu lowo obekhala kabhlungu elele phasi,nokkhala kwakhe kuyanqamukelana kyezwakala nje ukuthi usekhipha amandla okgcina ngcii! kuthi emva kwalokho avele abuyise konke ukudla akade esekdlile,emva kokudla kbuye igazi elihamba nezingcucu zamathumbu kwazise phela ushevu uvele wamqoba wamqeda ngaphakathi,kuphele kanjaloke ngoMaZulu,
Ngapha ekhishini uTholakele uhleli phasi uncike ngodonga manje ukhihla eskaNandi,"Damit!!! Tholakele!!! uyinj uyezwa??? uyinjaaaah!!!! ungayenza kanjan intwenjeee???!!!!! hhhiiiiii!!!! hhhiiiiii!!! uyiiinjah Tholakele!!!!!",kusho yena uTholakele ekhala ezingqubuza odongeni ngesphundu, azibambe ikhanda,"hhiiiii!!! cha uwudoti womuntu Tholakele!!! hhhiiiiii!!!!! ungabulala udadewenu??? udadewenu pho???? cha uyinja yomuntu!!! hhiiiiii!!! hhhiiiiii!!!",akhale kabhlungwana impela uTholakele kubonakala nje ukuthi sekuse ngokunye manje,yizeke ukkhala kwakhe kungeke kusasiza ngoba ngeke ksayibuyisa impilo kaMaZulu,
Athule aqede asukume kancane ekhicileka esula nezinyembezi,atotobe eshona egunjini lokphumula, afice uMaZulu elele kabhlungu phasi kugcwele negazi akade elphalaza, aqale phasi futhi akhale uTholakele,ahlale phez kwasofa,"Nomalanga ngyaxolisaaaaa aaaaaaa aaaaaa aaaaaaaaaa hahahahaaaaaaaaaaaaa!!!!!",akhale kdume igumbi lonke,
Comment and share please ๐๐