09/09/2024
Lenhlamvu egqitshwe lapha
Ishintshwa ngumhlabathi,
Iphenduka esiswini njengotswala.
Mhlabathi bewunyathela,
Beqinisekisa ukuthi la soze kuhlume nokhula.
Nhlamvu ehlwanyeleke ngokunganaki kanti kusew'buhlakani.
Mhlabathi udazi inkani..
Emaphupheni uguquka umhlabathi ngobuhlakani usubona imbewu..
Kanjani bewu...
Maqhinga qhinga emfihlakalo Nali inani lembewu emhlabathini liqhuma livalekelekile lincelephi? Mpande kazibonwa..
"Ukhona umfula egcekeni obuphuza bona lokho kwaziwa ubona"...
Kusho isangoma sihlola..
Bashayisana ngamakhanda bethi akuthathwe lenhlamvu iyohlolwa sosithola isibhamu sodubulile..
Sebekhohliwe..
Khona abangayinakile..
Isemhlabathini ongavundile..
Moyoy'ncwele!
Sinisela umhlabathi ngomkhuleko imbewu sihlangabeza..
Khona okufuna ukuvela..
Thubelihle Mthembu.